Durban - Thola uhlu lwamaqembu azodlala ngale mpelasonto ungaphuthelwa wukubuka iqembu lakho lidlala.
Izinkosi zase-Afrika iMamelodi Sundowns ihleli endaweni yesihlanu kuligi kanti ishoda ngamaphuzu ayisithupha ibambane neSuperSports United okuyiyona ehamba phambili.
UTeko Modise odlalela amaSandawana uthi ngeke bawuthathe kancane umdlalo wabo ne-Orlando Pirates.
OLUNYE UDABA:Uzophuthelwa umdlalo olandelayo umdlali wePirates
“Sisanda kuwina umdlalo wethu neCeltic kanti lokhu kuyisiqalo esihle kithi. Usenzima umsebenzi esibhekene nawo futhi kumele siqinisekise ukuthi siyawasebenzisa wonke amathuba esiwatholayo,”kusho yena.
Kolunye uhlangothi abe-KickOff sebeveze ukuthi ukuthi iqembu iMaritzburg United isisayine umdlali waseZumbabwe uJames Nguluve.
UNguluve, 20, uqale ukuzilolonga naleli qembu ngoMsombuluko kanti kungenzeka ukuba adlale njengoba leliqembu lizobhekana ne-Kaizer Chiefs.
Imidlalo yangoMgqibelo 11 kuFebhruwari
Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates - 15:30
Golden Arrows v Bloemfontein Celtic - 15:30
Ajax Cape Town v Cape Town City FC - 20:15
Maritzburg United v Kaizer Chiefs - 20:15
Imidlalo yamaqembu aphesheya imi kanje:
Arsenal v Hull City - 14:30
Stoke City v Crystal Palace - 17:00
West Ham United v West Bromwich Albion - 17:00
Manchester United v Watford - 17:00
Middlesbrough v Everton - 17:00
Sunderland v Southampton - 17:00
Liverpool v Tottenham Hotspur - 19:30
Imidlalo yaseSonto 12 Febhruwari:
Highlands Park v Polokwane City - 15:30
English Premiership, Burnley v Chelsea - 15:30
English Premiership, Swansea City v Leicester City - 18:00