'Laba abagxeka i-ANC banezimfihlo esizozidalula ngokuhamba kwesikhathi'

2016-11-20 08:54

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ugxeke izitha zakhe ezingaphakathi nalezo ezingaphandle kwe-ANC, wathi abanye kubona basetshenziswa yizitha zeqembu ngemizamo yokuhlakaza i-ANC.

Ekhuluma eralini ye-ANC ebiseBushbuckridge, eMpumalanga, ngoMgqibelo, uZuma uthe labo abagxeka yena ne-ANC bathengwe yilabo abangafuni ukudedela amandla okulawula umnotho.

UZuma utshele abalandeli be-ANC ukuthi iqembu lizama ukuvala igebe lezomnotho elikhona ezweni, okuyinto eyenza idlanzana kanye nalabo ababengabacindezeli baphelelwe ubuthongo ebusuku.

"Kwamanye amazwe, iningi labantu yilona elilawula zonke izinto kusukela kwezombusazwe, ezomnotho nezokuvikela…yilapha kuphela la khona singenayo inkululeko yezomnotho. Ulawulwa yidlanzana, okuyilabo ababesicindezele.

OLUNYE UDABA: Angilona isela futhi angiyona inja - Zuma

"Yingakho benokwesabela ukuthi sizowuthatha umnotho. Bafuna ukuthena amandla i-ANC ngoba bayazi ukuthi ukuthi i-ANC iyona kuphela inhlangano ezama ukulungisa izinto.

"Balawula yonke into, thina siyahlupheka. Yingakho bezonda i-ANC,” kuqhuba uZuma.

Uphinde wagxeka amaqabane e-ANC nalabo ababengamalungu ayo ngokukhuluma kabi ngaye esidlangaleleni, wathi basetshenziswa yisitha.

"Abanye babo kunezinto ngabo eziyimfihlo esizozidalula ngokuhamba kwesikhathi.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.