LALELA: Ihlazo ‘isikhulu’ sigqugquzela inkohlakalo kuMasipala uMsunduzi

2018-04-12 19:30

eMgungundlovu - Ukushaqeka kuzwakala inkulumo yesikhulu sikaMasipala uMsunduzi sigqugquzela inkohlakalo ngethenda elithile.

Le nkulumo kukholakala ukuthi iphakathi kwesikhulu esiphezulu salo masipala, etshela uzakwabo ukuba aqinisekise ukuba owesifazane ongabizwanga ngegama uyaqashwa esikhundleni esiphezulu ngisho noma ngabe akasilungele isikhundla. 

Kuphinde kuzwakale ekhuluma ngetender yezigidi zamarand ukuthi kumele inikezwe bani.

LALELA

ISouth African National Civic Organisation (Sanco) iphawule ngalezi nsolo yathi kumele kuphenywe kabanzi ngazo.

Ngokubika kwe-KZN Eyethu, uNobhala weSanco wesifunda, uFanele Sibisi, uthe kubalulekile ukuba lolu daba luphenywe.

“Siyakholelwa wukuthi isikhulu sikaMasipala simsulwa kuze kube sitholwa sinecala.

"Kepha kubukeka kungelula ukuthi umsebenzi onesikhundla esimqoka kangaka angabhekana nezinsolo zento yalolu hlobo.  Into elungile angayenza ukuthatha ikhefu emsebenzini ukuze kuphenywe kahle ngaphandle kwezihibe,” kusho uSibisi.

OLUNYE UDABA:Isikhulu seHighlands Park sinethemba lokuthi bazohlala isikhathi eside ku-PSL

Lezi zinsolo ziza ngemuva kwemibhikisho yakamuva yamalungu e-ANC ekhalaza ngabaholi baMasipala uMsunduzi. 

Ababhikishi basola uSekela Meya, uThobani Zuma, ngokugxambukela ekuqashweni kwabantu ngaphakathi kulo masipala.

Ngesikhathi kuthintwa okhulumela uMasipala uMsunduzi, uThobeka Mafumbatha, uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba ubengakayilaleli le nkulumo esabalele ezinkundleni zokuxhumana.  

Imizamo yokuthola iMeya uThemba NJilo, ayiphumelelanga. 

Okukhulumela uMnyango wakwaCogta, uLennox Mabaso naye akatholanga ukuba aphawule ngalolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.