LALELA: Namuhla sikhumbula iBhova likaDikadika

2017-12-19 11:05

eThekwini - Namuhla sikhumbula elinye lamaqhawe kaMaskandi uKhulekani Mgqumeni Khumalo owazakhela olukhulu udumo ngokushaya ingoma.

UMgqumeni, wangena emculweni eshaya esigcinci eneminyaka eyisikhombisa futhi ewuthanda umculo kaMaskandi.

Ungomunye wabaculi abahlonishwa kakhulu emculweni kaMaskandi ngamagalelo akhe okushaya ingoma kanye nokusebenzisana namaqembu ahlukahlukene./gomunye wabaculi abahlonishwa kakhulu emculweni kaMaskandi kanti umsebenzi wakhe usahlonishwa namanje njengoba bebaningi abaculi abasadlala ushini wakhe.

Lo mculi odabuka eNquthu wangena kule mboni wasebenzisana namaqembu amaningi okubalwa kuwo Amatshitshi Amhlophe, Ubuhle Begubasi kanye noMlamu Wami nokungamaqembu ayephethwe ngumalume wakhe uMahawukele.

OLUNYE UDABA:Abasoze bamkhohlwa uMgqumeni

UMgqumeni wayenomlando omuhle kakhulu emculweni kaMaskandi abaningi bemthatha njengeNkosi yalo mculo ngenxa yemisebenzi yakhe emihle.

Lo mculi wakhipha icwecwe lakhe eyedwa, Easy Come Easy Go ngo-2003 nokuyinto eyamakhela olukhulu udumo kanye nokuhlonishwa kule mboni.

I-albhamu yakhe, iMagic, yadayisa amakhophi angu-78000 ngenyanga yokuqala ikhishiwe. Maningi ama-albhamu awakhipha futhi wonke amnandi futhi asezingeni eliphezulu kakhulu.

Baningi abathandi bomculo kaMaskandi abangavumelana ngelithi, kuhamba emhlabeni kwaleli qhawe, kuvule isikhala esikhulu futhi okunzima ukuthi sivaleke kule mboni, babodwa abazamayo ukuwubamba ushuni wakhe kodwa, kusekude phambili.


Ibhova likadikadika umuntu ekhathele ebuya okhuleni 

Thambo lembongolo endala emnyama enedlebe elodwa eyabhongel kweyaseeMangunini yenama

Imhlambi yentwala egcwele emakhanda onyoko ngithe zicophe sosha vele imsebenzi yakho

Uwena owangihlebelela wakhohlwa ukungigqiba maqede ngabikela izwe wonda wena womela othini njengentethe..

Udlula bedlal impisi engena mngane

Isembula mbhede kuvele amahlazo

Khanda elikhulu lehlula amawisa wakwabo kwaKhumalo

Nduku ayikhulumi ingenamlomo

Muntu akundundubali engekhamba

Lomfana omfishane ongangemkhovu yakwaNtombela eNkandla



/>

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.