'Lalisohlwini labazobulawa igama likaMagaqa'

2017-10-19 10:59

Durban - Igama likalowo owayenguNobhala we-African National Congress Youth League owabulawa, uSindiso Magaqa, lalisohlwini labazobulawa, kanye namagama abanye abaholi abahlanu eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Bane abantu abagcina bebulewe kulabo ababesohlwini.

Lokhu kuvele kwikhomishana kaMoerane eThekwini ngoLwesithathu, ephenya ngokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki e-KZN.

Amakhansela amawadi, uJabulile Msiya noNonstikelelo Mafa, bethule ubufakazi kuleli sonto.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala unina

Baveze ukuthi abantu babulawa ngenxa yehholo lika-R30 million elakhiwayo endaweni.

UMagaqa wayephikisana nodaba lwemali okwakhiwa ngayo leli hholo, kanti futhi wayesekwa ngabanye abaholi.

UMsiya noMafa bathi uMagaqa wabulawelwa ukulwisana nenkohlakalo endaweni.

UKhaya Thobela noMdu Tshibase nabo badutshulwa babulawa ngemuva kokukhala ngemali okwakhiwa ngayo lona leli hholo.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.