“Lapho sohlangana khona ngeke kumile tshani”

2016-07-15 14:30

Durban -U-Edward Zuma uthi angamane agugele ejele kunokuthi ayeke ivaka le nsizwa lihlambalaze uyise ngale ndlela.

Indodana kaZuma ithi lapho abazohlangana khona no-Ayanda kosiphuka izidindi. Uthi ngeke akwazi ukuyiyeka le ndoda idicilele phansi isithunzi sikayise kubuka umhlaba wonke.

Uthini umbono wakho ngalokhu okushiwo indodana kaZuma u-Edward Zuma ebhekise kumdwebi u-Ayanda Mabulu.

Nansi imibono yabafundi bethu:

Themba M Chonco Nami ngeke ngivume ubaba ahlanjalazwe kanje. Ngabe kade ngamvakashela lo mfo ngifike ngibingelele kuye. Ngeke sikuvimbe ukuzonda uZuma nami nje angiyithandi indlela aphethe ngayo izwe. Kodwa ukumhlambalaza ngale ndlela akwamukeleki. Angizange ngiyibone into enje yenziwa umuntu komunye umuntu.Kahle kahle lo doti kumele uxolise kubo bonke abantu bakuleli.

Zanele Mhlophe Akushube ngempela akekho umuntu ongavuma ngomzali wakhe. Nami cha bekuzoshuba ngowami. Thina sizwe esimpisholo asisahloniphi abantu abadala ngazi ibuyaphi lendelelo engaka ngisho nabondlebezikhanyilanga bayasihleka ngendlela esenza ngayo izinto lobuntu esihlala sibusho siyabukhuluma kuphela kodwa asibenzi.  Ake zibuyevemsisweni sizwe sakithi.

Hlengiwe Nsindane Ignatia Udakiwe lodoti womdwebi, akadwebi ngani owakhe umzali? Kumele ajeze nje inganyathelwa ngezinyawo lento yakhe coz ngeke aze afunde. Uma ewumdlwembe kasikhotheni akakwenze emndenini wakhe. Shaya Zuma siyakuvumela

Zamacusi Thabiso Mcusi Nami soze ngavuma kudlalwe ngomzali wami ngalohlobi, ngiyafisa mtaka #Msholozi namhla natholana nalo-Ayanda impela ngikuklinyise yena ngoba cha unedelelile niyisizwe sakwaNxamalala nathi nje sizwe sonkana ngoba wubaba weSizwe phela lona

Sabelo UMbele KaNtuli Laba abavuna lomfana kuyakhombisa ukuthi amavaka iminqolo egumba etsheni echoba izintwala zonina. Ontanga yabo bengafela oyise ngamathe phambi kwabo bengasho lutho.
Kumele azi lomfana kaMabulu ukuthi uZuma uzele izinsizwa. Uma sisebancane sivikelwa obaba uma sesikhulile ithina esivikela obaba. Uma ungenaye ubaba wanyiwa inhlwa ingalivikela leli bhoxongwana elinezinwele ezimayikayika.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.