Lasinda lishiswa nemoto ikhansela le-ANC eLimpopo

2016-11-15 11:31

Johannesburg - Lihlalele ovalweni ikhansela le-ANC kuMasipala wasePolokwane kulandela ukuhlaselwa.

USteve Mashabela usinde ekufeni ngemuva kokushiywa emotweni yakhe ivutha amalangabi.

Isigameko senzeke eGa-Maja eduzane naseChuene Dam ngomhlaka-3 Novemba.

UMashabela, 42, uthe wayenentombi yakhe emzini wakhe omusha oseKwena-Moloto eduzane naseSeshego ngesikhathi kungena amadoda amabili ngodli ephethe imbazo.

La madoda ayehlome ngembazo nagesibhamu.

OLUNYE UDABA: Isihlalele ovalweni eqothelwe umndeni

UMashabela uthi walwisana neyayiphethe imbazo.

"Ngabona ukuthi impilo yami neyentombi yami isengozini ngazinikela," kusho uMashabela izolo.

Uthe intombi yakhe abayenzanga lutho. La madoda ambopha izandla ngentambo amfaka emotweni yohlobo lwe-VW Polo TSI.

"La madoda angivala umlomo ukuze ngingeke ngikwazi ukumemeza."

Ahamba naye ibanga elingama-40km aze ama eduzane naseChuene Dam ambombothela imoto ngophethiloli ngaphambi kokuyishisa.

Abahlaseli bakhe babaleka ngemoto yohlobo lwe-Toyota Corolla ene-number plate yaseGauteng.

"La madoda ayecabanga ukuthi ngiqulekile ngesikhathi ethela imoto ngophethiloli eyishisa," usho njalo.

Ngesikhathi imoto isha, wakwazi ukuvula isicabha wabaleka wayongena ehlathini.

UMashabela uthe wasebenzisa amazinyo ukuzikhulula, eqaqa intambo ayeboshwe ngayo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe kuphenywa icala lokuthumba nokuzama ukubulala.

Intombi kaMashebela yona ivulele la madoda icala lokugqekeza nokwebiwa kweselula, kusho uNgoepe.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.