Lathukuthela lawushisa isoka "ubheka mina ngedwa" lasha nalo

2016-07-27 12:31

Johannesburg - Intombi yakhe yayingafuni ukwabelana nabanye abantu besifazane yase ibona kungcono ukuthi iye esagomeni iyocela umuthi ubhekamina nkuphela.

Lo muthi usuyisebenzele iminyaka kodwa ngonyaka ophelile uJeremiah Maseko ugcine eyibambile intombi yakhe ngemuva kokuthola umuthi ufihlwe ngaphansi kwamantrasi.

OLUNYE UDABA:  Isimanga abafundi bethenga umuthi wentando

UMaseko owayethukuthele wavele wawushisa lo muthi, kodwa ngokuwushisa wenza iphutha njengoba ubuso bakhe baqala baluma. Selokhu unezilonda ezigcwele ebusweni futhi ubukeka sengathi washa.

Le ndoda eneminyaka engu-55 ubudala eseyahlukana nentombi yayo itshele iDaily Sun ukuthi ibilokhu iphuma ingena esibhedlela kodwa odokotela bengazi ukuthi inani.

"Bavele banginika umuthi wokugcoba ebusweni kodwa izilonda zilokhu zikhona. Ngiyazisola ngokuletha loya muntu wesifazane empilweni yami. Abantu besifazane abasangifuni ngenxa yendlela esengibukeka ngayo," usho njalo.

UMaseko uthe ubuso bakhe babuluma ngendlela emangalisayo ngehlobo. "Kufanele ngigqoke isigqoko ukuze ngizivikele," usho njalo.

Udokotela uRaymond Isaavs waseGoli uthe uMaseko kufanele abonane nodokotela wesikhumba ukzue ezosizakala.

Isangoma uDungamanzi Nyoniyasemzini sithe intombi kaMaseko yasebenzisa umuthi womlilo owaziwa njengesichotho somlilo wase eluleka uMaseko ngokuthi abonane nenyanga ezomenzela umuthi ozomulapha, kubika iDaily Sun.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.