Lehlile isasasa ngoZuma kwizakhamuzi zasemadolobheni - Ucwaningo

2017-09-07 19:30

Johannesburg – Inhlolovo entsha itshengisa ukuthi sehlile isibalo sabantu abahlala emadolobheni amakhulu kuleli abahambisana nendlela uMengameli Jacob Zuma asebenza ngayo.

Ucwaningo olusha olwenziwe yinkampani iKantar TNS, luthi bangu-18% kuphela abantu baseNingizimu Afrika abahlala emadolobheni amakhulu abathi uZuma wenza umsebenzi omuhle wokwengamela izwe.

"Kwinhlolovo yakamuva, sibona u-18% kuphela wabantu abathi uZuma usaliphethe kahle izwe,” kusho u-Ilse Dinner weKantar TNS.

Lokhu kwehla kudalwe wukwehla kwabantu abamnyama nabangamaKhaladi abaphendule bazwakalisa ukuthi uZuma akasashayi khona.

OLUNYE UDABA: Izibalo zitshengisa ukuthi lehlile isasasa ngomengameli Zuma kuleli

U-68% wabantu abamnyama abaphendulile bathi uZuma umhlulile lo msebenzi akhethelwa wona wokuhola izwe – lesi sibalo sinyuka sisuka ku-64% wangoMashi nonyaka kanye no-595 wangoFebhuwari wangonyaka owedlule.

Udumo lukamengameli lwehlile futhi nakumaKhaladi, njengoba engu-4% kuphela amaKhaladi athi uZuma wenza umsebenzi oncomekayo.

Le nhlolovo yenziwe kubantu bakuleli abangu-2 000 abahlala emadolobheni amakhulu.

Kutholakale ukuthi u-71% wabantu bakuleli bakholelwa ukuthi izinto bezibheda kakhulu kulo nyaka ofile, uma kuqhathaniswa no-14% othi izinto zisafana. Bayisilinganiso esingu-11% abantu abacabanga ukuthi izinto ziyalunga.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.