'Lehlile kancane elabangasebenzi kodwa ngeke kwaqhoshwa ngalokho'

2016-07-28 14:31

Cape Town – Izinga labantu abangasebenzi esigabeni sesibili sonyaka ka-2016 lehle kancane ngo-0.1 lafinyelela ku-26.6%, ngokusho kweStatistics South Africa ngoLwesine. 

Lokhu kusho ukuthi kubantu abangu-36.6m okumele ngabe bayasebenza eNingizimu Afrika, abaphakathi kweminyaka engu-15 kuya kwengu-64 ubudala, bangu-5.6m kuphela abasebenzayo. 

Nakuba izinga labangasebenzi lehlile kancane, izinga lokuqasha lehle ngo-0.8%.

Izinga labantu abangasebenzi, okubalwa kubona nalabo abangasazihluphi ngokufuna umsebenzi, linyuke ngo-0.1 lafinyelela ku-36.4% noma kubantu abangu-8.9m.

Funda nalolu daba: Iphoyisa lisindise intombazanyana

Lenyuke ngo-379 000 nezinga labantu abalahlekelwa yimisebenzi bese behlala bengenzi lutho.

Izinga lentsha engasebenzi (ephakathi kweminyaka engu-15 kuya kwengu-34 ubudala) okubalw akuyona naleyo engenawo umatikuletsehni lisaphezulu kakhulu.

Izinga lentsha nje kuphela engasebenzi limi ku-37.5%, okusho ukuthi ingu-3.2m intsha engasebenzi. 

IFree State neGauteng yizona zifundazwe ezinezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.

UPali Lehohla weStats SA uthi ukwehla kancane kwezinga labangasebenzi akuyona izinto osekungaqhoshwa ngayo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.