Lesulile emsebenzini iphoyisa elisolwa ngokweba iloli

2017-11-16 11:00

EMpumalanga – Iphoyisa elineminyaka engu-30 ubudala lisulile emsebenzini ngemuva kokutholakala neloli eyadunwa, kubika iMpumalanga News.

Ngokusho kukaSgt Gerald Sedibe, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uConstable Kenny Martin Manana obesebenzela esiteshini sasePienaar ufake incwadi yokusula emsebenzini ngomhlaka-10 kwephezulu.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ‘elisebenzise imoto yomsebenzi liyogqekeza’

UManana nalowo asolwa naye uSurprise Manana bavele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseWhite River ngomhlaka-8 Novemba 2017 ngamacala okutholakala ngeloli elebiwe.

Bobabili bakhishwe ngebheyili ka-R3 000 umuntu emunye.

Leli phoyisa kanye nalo alisolwa naye babhekene nelinye icala lokuduna lona eliqulwa eNkantolo kaMantshi yaseSabie.

Laba babanjwa wuphiko lwe-Flying Squad ngomhlaka-26 Okthoba 2017.

Amaphoyisa athola umbiko ovela enkampanini elandela umkhondo wezimoto kubonakala ukuthi iloli lijike endaweni engafanele phakathi kwaseSabie naseWhite Rivere.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.