Lesuliwe icala lowesifazane owabulala 'owayendlwengula' indodakazi

2017-10-09 12:28

Johannesburg – Icala lokubulala nelokuzama ukubulala ebelibhekene nowesifazane wase-Eastern Cape lesiliwe enkantolo.

Lona wesifazane waboshwa ngemuva kokubulala owesilisa walimaza abanye ababaili athi wabafica bedlwengula indodakazi yakhe endlini engasahlali muntu.

I-National Prosecuting Authority yalile ukuqhubeka necala njengoba ithi amathuba okuba liphumelele enkantolo mancane kakhulu.

Lona wesifazane ubelokhu engaphandle kulandela ukudedelwa kwakhe ngebheyili ka-R500.

OLUNYE UDABA: Umfana,10, ubulawe yiloli e-E Cape

Indodakazi yakhe eneminyaka engu-27 ubudala kuthiwa yadlwengulwa ngabesilisa abathathu, beshintshana ngayo.

Ngesikhathi owesifazane ezama ukungenelela, abesilisa bazama ukumehlula ngamandla, kodwa walwa, wagcina ebulale oyedwa walimaza abanye ababili.

Abesilisa ababili abasinda kumanje bagcinwe esitokisini ngecala lokudlwengula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.