Libagojele abaseNigeria abebephoqa abaqwayizi ukuba babasebenzele ngenkani

2017-12-15 16:00

eGOli - IJaji eNkantolo eNkulu yasePitoli ithole abesilisa ababili abadabuka kwelaseNigeria benecala lokushushumbisa abantu.

IJaji uRonel Tolmay uthole lezi zelamani u-Obioma Benjamin Abba, 32, noChinedu Obasi, 38, benecala lokuqhuba ibhizinisi lokudayisa ngomzimba efulethini eliseSunnyside.

Laba balahlwe yila macala kodwa baphunyuka kwamanye amabili abandakanya ukukhwabanisa nokugcina leli bhizinisi.

U-Obasi utholakale enelinye icala lokuphula umthetho wabokufika ngokushada owesifazane wakuleli ukuze athole ubuzwe kodwa akazange ahlale naye.

UNolwazi Mkhonto ungowesimame wakuleli owaqashisela laba ngefulethi yena akazange abekwe icala ngezenzo zabo.

OLUNYE UDABA:Abaqwayizi baseSunnyside bawaqedile amadoda bewaqola

Ngesikhathi kuqulwa icala, abaqwayizi ababili banikeze ubufakazi bokuthi u-Abba kanye no-Obasi bebabagxisha izidakamizwa bebagcine kuleli fulethi ngenkani bebakhipha ebusuku kuphela ukuze beyosebenza njengabaqwayizi.

Babephoqwa ukuba banike laba basolwa yonke imali abayisebenzile futhi babeshaywa uma bephuma emgqeni.

UTolmay uthe yize laba besifazane bebevele besebenza njengabaqwayizi futhi bazivumela ngokwabo ukujoyina lezi zelamani, banikezwa indawo yokuhlala nezinsiza ezihambisana nakho kanye nezidakamizwa ngemibandela yokuthi bazosebenza njengabaqwayizi.

Bebengavumelekile ukuphuma endlini noma yinini uma bethanda futhi lezi zelamani bezibaqola ngendlela emangalisayo zibaphathisa okwezigqila.

Bobabili laba besifazane sebegcinwe endaweni ephephile, kanti kunxuswa nabanye abaqwayizi ababhekene nalobu bunzima ukuba basondele ngaphambili ukuze bezovikeleka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.