Libalahlile icala ababulala indoda, balinda umkayo waze wabuya eVryheid

2017-11-17 12:30

Pietermaritzburg – Amadoda amabili alahlwe yicala lokubulala, ukuthumba nokuphanga esebenzisa indluzula kulandela isigameko sokuhlasela epulazini esenzeke ngesekuqaleni kwenyanga e-Eensgevonden eVryheid, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

USibusiso Mbatha, 23, no-Ayanda Mncube, 21, bawaphikile amacala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlobu ngoLwesine. Icala labo libe selihlehliselwa uJanuwari wonyaka ozayo lapho kuzokwehliswa khona isigwebo, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

UDaniel Swanepoel, 57, wayeyedwa emzini wakhe osepulazini e-Eensgevonden, eVryheid, ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa ngomhlaka-4 Novemba nonyaka.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwabulawa omunye 'umlimi'

"Abasolwa bagwaza isisulu, banxenxa ukuthi sibanikeze amakhadi aso asebhange nemali. Unkosikazi wesisulu wayengekho ekhaya ngaleso sikhathi," kusho uZwane.

UZwane uqhube ngokuthi uSwanepoel watshela izigebengu ukuthi akanayo imali, kepha zaqhubeka nokumgwaza.

"Lo mlisa wagcina ngokushona ngenxa yokulimala akuthola. Abasolwa bahlala balinda unkosikazi waze wabuya ngabo-15:00 ngalo lelo langa, babe sebemfaka emotweni ngenkani bahamba naye. Bamphoqa ukuba akhiphe imali kwi-ATM eseduzane, esebenzisa amakhadi akhe," kusho uZwane.

UZwane uthe ngemuva kokukhipha imali, abasolwa bahamba naye ngemoto kwaze kwaba sebusuku. Lo wesifazane wakwazi ukuqwashisa abanye abashayeli ukuthi uthunjiwe.

Kwabe sekushayelwa labo abaqapha umphakathi, zabakhalela kanjalo abasolwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.