Libanjwe nempahla eyebiwe iphoyisa elidutshulwe labulawa wumphathi walo

2017-10-19 16:00

eThekwini - Iphoyisa elidutshulwe labulawa eThekwini, belisanda kubanjwa ngecala lokugebenga ibhizinisi emgwaqeni uNorth Coast, eThekwini.

Ngokombiko ovela emaphoyiseni, abasolwa ababili bagasele kwelinye lala mabhizinisi kulo mgwaqo ngenhloso yokugebenga.

Lokhu kwenzeke ngezithuba zabo-14:30 emini kanti abasolwa bebebaleka ngesikhathi bevinjezelwa onogada abasebenza kule ndawo.

Laba basolwa bajahwe onogada baze babanjwa, betholakala nayo impahla eyebiwe kanye nezikhali ezisetshenziselwa ukugqekeza.

La basolwa abaseminyakeni ephakathi kuka-31 no-35 ubudala, baboshiwe babekwa icala lokugqekeza.

Ngesikhathi luqhubeka uphenyo, kutholakale ukuthi omunye wabasolwa uyiphoyisa elisebenzela esiteshini saseSydenham kanti belingasebenzi ngosuku lwesigameko.

OLUNYE UDABA: Lidutshulwe labulawa iphoyisa elibhekene nawokuphanga eThekwini

Icala labo beliphethwe ngamaphoyisa aseGreenwood Park lapho kwenziwe khona ubugebengu.

Amaphoyisa aphethe icala axhumane nomphathi waleli phoyisa eliboshiwe ukuba azozizwela mathupha ngokwenzekile.

Lo mphathi uthathe leli leli phoyisa ebelifaswe ngozankosi waya nalo kwalo ukuba liyolanda isibhamu somsebenzi.

Kukholakala ukuthi ngesikhathi befika emzini waleli phoyisa, lilande isibhamu salo kodwa lase likhomba umphathi ngaso, nokuyilapho umphathi wakhe agadle kuqala wadubula wabulala umsolwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.