Libhodla umlilo ihhovisi likaMengameli ngamazwi kaMadonsela

2017-02-04 15:12

Cape Town – Libhodla umlilo ihhovisi likaMengameli ngamazwi kalowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela awasho ku-eNCA okuthi uMengameli Jacob Zuma kungenzeka ukuba uyathinteka ekutheni abanjalwe ingxenye ethile yemali yempesheni.

UMadonsela utshele i-eNCA engxoxweni eqoshiwe ukuthi ukungaboni ngaso linye okuphakathi kwakhe noBusisiwe Mkhwebane kungenzeka ukuba kudalwa ukugxambukela kukaMengameli noma iState Security Agency.

Okhulumela uMenganeli, uDr Bongani Ngqulunga, ngoMgqibelo uthe okushiwo uMadonsela kuyadumaza.

"UMengameli ayikho indima ayidlalayo kwezamaholo nangemibandela yokusebenza koMvikeli woMphakathi,” kusho uNgqalunga esitatimendeni.

OLUNYE UDABA

"Kuyishwa ukuthi u-Advocate Madonsela uthathe isinqumo sokusebenzisa igama likaMengameli odabeni olungamthinti.”

"Ukuxhashazwa kwegama likaMengameli kulolu daba kuyadumaza.”

"UNgqulunga uthe yiPhalamende elikhuluma izindaba zeholo loMvikeli woMphakathio nokusebenza kwakhe, ngokwesigaba 2(2) somthetho woMvikeli woMphakathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.