Libulewe ibhubesi elihlasele umnikazi walo

2018-05-02 12:33

Lidutshulwe lafa ngesikhathi kuqhubeka isigameko ibhubesi elihlasele umnikazi walo esiqiwini esizimele ngaseThabazimbi, eLimpopo, ngempelasonto.

UMichael Hodge, 72, ongumnikazi weMarakele Predator Centre kuthiwa nguye owakhulisa uShamba (ibhubesi) kusukelwa ezalwa. Kulesi sehlakalo uHodge ulimale imihlathi kanye nasentanyeni.

Okhulumela umndeni uBernadette Maguire utshele iNews24 ngoLwesithathu ekuseni ukuthi uHodge uyelulama esibhedlela, kepha namanje usakhungathekile kulandela lesi sigameko.

"Kumphathe kabi ukulahlekelwa wuShamba kanti ngicabanga ukuthi uyazama ukuziqinisa, kepha iqiniso wukuthi kumphathe kabi okwenzekile," kusho uMaguire. 

UMaguire wenanele ngokuthi uHodge ukwazile ukuhamba okokuqala ngosizo lwe-physiotherapist Milpark Hospital kusukela kwenzeka isigameko.

Uthe umndeni kuyawukhulula ukuthi uHodge uyelulama, nokho wathi babuhlungu ngokulahlekelwa wuShamba.

Lo mndeni bese kuphele iminyaka eyishumi ufuye uShamba.

Buka i-video ngezansi etshengisa okwenzekile ngesikhathi sesehlakalo:

VIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.