Lidedelwe ngebheyili iphoyisa 'elashisa owesifazane nge-ayina'

2017-01-30 14:31

Johannesburg - Udedelwe ngebheyili yemali engu-R1 000 uConstable Thabo Mathlala, osebenzela uphiko lwamaphoyisa iK9 eMiddelburg ngemuva kokuthinteka esigamekweni sokushiswa kowesifazane nge-ayina nokubanjwa inkunzi.

Lo wesifazane washiswa nge-ayina waphucwa iselula nemali.

UMathlala uvele enkantolo ngemuva kwesigameko lapho amadoda amane, eyodwa yawo yayizifihle ubuso, okuthiwa ahlasela izithandani emzini wazo ngomhlaka-2 Disemba 2016.

OLUNYE UDABA: Ikhehla lidedelwe ngebheyili ka-R10 000 ngokuzama ukubulala

Kuzwakale enkantolo ukuthi la madoda afuna imali, ase eqala epequlula endlini athola isamba semali esingadalulwanga, kubika iMiddleburg Observer.

Ngemuva kwesikhashana, abasolwa baphinde bafuna enye imali, kuse njalo oyedwa wabasolwa wathatha i-ayina washisa ngalo isisulu.

Ngemuva kwesigameko, abasolwa beba impahla kagesi ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Oyedwa wabasolwa kubikwa ukuthi wabuyela emzini walezi zithandani wathatha amaselula azo.

Kwavulwa icala lokuphanga, uphenyo lwaholela ekutheni kuboshwe uMathlala.

Icala lihlehliselwe umhlaka-17 Febhuwari ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.