Lidedelwe ngebheyili iphoyisa lesifazane 'elaxabana nomphathi, ladubula ozakwabo'

2017-10-03 19:31

Durban - Lidedelwe ngebheyili ngoMsombuluko iphoyisa lesifazane laseMalvern elasabisa ngokubulala umphathi wesiteshi laphinde ladubula amaphoyisa ayezama ukulinqanda.

USergeant Lana Oosthuizen udedelwe ngebheyili ka-R3 000 ngemuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yasePinetown.

Leli phoyisa libhekene necala lokuzama ukubulala, ukukhomba ngesibhamu nokudubula.

UNatasha Kara we-National Prosecuting Authority akatholakalanga ukuphawula. Amaphoyisa nawo awakwazanga ukukhipha imininingwane ngemigomo yebheyili.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa lesifazane eThekwini

Kusolwa ukuthi u-Oosthuizen waba nokungaboni ngasolinye nomphathi wesiteshi, uColonel Valerie Reddy, emaphaseji esiteshini samaphoyisa saseMalvern ngoLwesine.

Kusolwa ukuthi wabe esemkhomba ngesibhamu, uReddy wamemeza ecela usizo.

Kwaphuma amphoyisa amathathu ehhovisi ngesikhathi u-Oosthuizen ewabona wawadubula.

UReddy wamphuca isibhamu wabe esembopha.

Amaphoyisa aseMalvern athi u-Oosthuizen waya kohlolwa isimo sengqondo.


 - Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.