Lidle phansi ngonyawo iphoyisa elibanjwe lishayela liphuzile

2018-03-27 07:30

Port Elizaberth - Iphoyisa likamasipala esifundazweni i-Eastern Cape ebelingekho emsebenzini kuthiwa libanjwe lishayela liphuze utshwala futhi lihamba emzileni ophambana nezinye izimoto emgwaqeni ngoMsombuluko.

Kuthiwa akugcinanga lapho, leli phoyisa libe selibaleka ngonyawo, lashiya imoto yalo khona lapho ngesikhathi limiswa ngozakwabo.

Kodwa ngenhlanhla ligcine libanjiwe laboshwa, kanti kulindeleke livele enkantolo kungekudala.

Akwaziwa ke ukuthi leli phoyisa lizobhekana kanjani nozakwabo uma selibuyela emsebenzini ngokuzayo, kodwa isikhulu samaphoyisa kamasipala iNelson Mandela Bay uYolande Faro sizwakalise ukudumala ngokuziphatha kwalo.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe umama oshaye ingane ngephini ngoba ilahle isicathulo sesikole

Umsolwa uboshiwe wayiswa esiteshini samaphoyisa eGelvandale, wathweswa icala lokushayela ephuze utshwala.

"Ngishaqekile ngesigameko, kodwa umthetho kuzomele udlale indawo yawo,” kusho uFaro.

Uthi ngeke basibekezelele isenzo esifana nalesi emaphoyiseni abo njengoba futhi amaphoyisa kamasipala kungumsebenzi wawo ukuvalela abantu abashayela bedle amponjwana.

- Sowetan Live

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.