Lidluliselwe enkantolo enkulu elamaphoyisa 'abulala' intatheli

2018-01-27 09:30

Johannesburg – Icala elibhekene namaphoyisa amathathu akwaMetro eGoli asolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwentatheli uGodknows Nare lizodluliselwa eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

La maphoyisa avele enkantolo ngecala lokubulala, ukushaya nokuphambama nengalo yomthetho kulandela ukuboshwa kwawo ngamaphoyisa ophiko loKlebe.

IMantshi uJohn Baloyi ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort inikeze abasolwa ibheyili yemali engu-R5 000 ngamunye.

OLUNYE UDABA:Usobishini umculi kaMaskandi owahlasela intatheli

Abasolwa nguLincoln Moloi, 35, uNhlanhla Joseph Vilakazi, 29 noThozamile Mhlanga, 37, kanti bonke abaseSoweto futhi bashadile banezingane.

Ummeli wabasolwa uHlakudi Mpe ufundele inkantolo incwadi efungelwe yabasolwa besho ukuthi abanayo imali yebheyili ebekwe yimantshi kodwa bengakwazi ukukhipha imali engu-R2 000 ngaphandle kwaMhlanga othe yena engakwazi ukukhipha imali engu-R1 000 yebheyili.

UNare, 40, wabulawa ngesikhathi kudutshulwana eduzane nasemzini wakhe oseFlorida, entshonalanga yeGoli ngomhlaka-17 Ephreli 2017.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.