Lidluliselwe eNkantolo eNkulu elikababa osolwa ngokubulala amawele akhe

2017-10-27 14:00

Cape Town – Udokotela wamazinyo odabuka kwelaseSpain uMario-César Deus Yela osolwa ngokubulala amawele akhe, icala abhekene nalo lidluliselwe eNkantolo eNkulu eWestern Cape lisuka eNkantolo kaMantshi eWynberg.

IMantshi uGoolam Bawa uvumile ukuthi leli cala lidluliselwe enkantolo enkulu waphinde wabeka usuku lomhlaka-24 Novemba njengosuku lwezethulo ezandulela ukuqulwa kwecala.

UDeus Yela, umelwe wummeli ohlonishwa kakhulu kuleli uWilliam Booth, njengoba ebhekene namacala okubulala amawele.

Kuthiwa lezi zingane u-Octavia noMaximo zatholwa wumama wazo owayengunkosikazi kamsolwa uJulia Engelhorn ekhaya ababeliqashile eliseHout Bay ngomhlaka-6 ku-Ephreli.

OLUNYE UDABA:Omunye ovele kwividiyo kathisha uselaxazwe ubaba wengane yakhe

Lo mliswa usolwa nangokuthi weba imoto yalo wesimame iToyota Prado, nokuthi wazama ukumgwaza.

Kuthiwa umsolwa wamema lo owayengunkosikazi wakhe ukuba bezodla isidlo sasemini, ngesikhathi efika lo wesimame, wamtshela ukuthi usebulele amawele abo aneminyaka emithathu ubudala.

UDeus Yela wasabisa lo wesimame ngommese ngemuva kokumtshela lezi zindaba, ngenhlanhla wakwazi ukuphunyuka wabaleka.

Ingane yabo endala yayisesikoleni ngesikhathi sesigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.