Lidluliselwe enkantolo enkulu yasePMB icala lamazimuzimu

2018-04-26 14:01

eMtshezi - Amadoda amane asolwa ngobuzimuzimu abhekene namacala okubulala, kanye nokuhlela ukubulala avele eNkantolo kaMantshi e-Estcourt.

Kulokhu, iMantshi ikhiphe isinqumo sokudlulisa lawa macala, iwadlulisela eNkantolo eNkulu yasePietermaritzburg.

Lokhu kusho ukuthi abasolwa bazovela okokuqala eNkantolo enkulu ngomhlaka 12 Novemba, bese icala iqala ukuqulwa ngomhlaka 14 Disemba kuwo lonyaka.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala 'lamazimuzimu' aseMtshezi

Ngokubika kwepephandaba lomphakathi i-Estcourt News, ummeli uNgubane ophuma kwabe-Legal Aid uqinisekisile ukuthi bazoqhubek anokubammela laba basolwa.

Lo mmeli ubuye wakuqinisekisa ukuthi uyitholile imibhalo mayelana naleli cala nanokuthi abasolwa bazogqunywa ezitokisini kuze kushaye umhlaka 12 Novemba.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.