Lidluliselwe kwenye inkantolo icala 'labafaka' owesilisa ebhokisini lomngcwabo

2017-06-26 12:29

Middelburg – Icala elibhekene nabesilisa ababili abasolwa ngokufaka uVictor Mlotshwa ebhokisini lomngcwabo nangokumesabisa ngokumthela ngophethiloli, lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseDelmas ngoMsombuluko.

UTheo Jackson noWillem Oosthuizen bavele eNkantolo yesiFunda eMiddelburg eMpumalanga ngoMsombuluko ekuseni.

Babhekene necala lokuthumba nokushaya ngenhloso yokulimaza.

Isigameko abasolwa ngaso senzeka e-JM de Beer Boerdery, ngaseKomati power station eMpumalanga.

OLUNYE UDABA: Bazovela enkantolo abalimi abasolwa ngokubulala ibhungu

Ngo-Agasti 17, 2016 uMlotshwa wabona iLand Cruiser imlandela, yafika yama eduze kwakhe, kwehla abesilisa ababili bafike bamshaya, ngokusho kukaConstable Dimakatso Bahula, etshela inkantolo phambilini.

Kwi-video eyafakwa kuYouTube, owesilisa oyedwa ubonakala ephoqa uMlotshwa ukuba angene bhokisini, emsabisa ngokumthela ngophethiloli.

Ukuthethwa kwecala kulindeleke kuqale ngomhlaka-31 Julayi kuphele ngomhlaka-10 Agasti.

Bobabili abasolwa bagcinwe esitokisini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.