Lifele ukhiye iphoyisa ebelidunwa ngaseXobho

2017-10-19 11:00

Durban - Lifele ukhiye iphoyisa eligwazwe inqwaba yamanxeba ekhanda nasentanyeni ngesikhathi lidunwa imoto ngeSonto ebusuku KwaSawoti ngaseXobho, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Amalunga omphakathi azibonele lesi sigameko, ababaza isihluku sababulali okuthiwa baqede ukubulala uWarrant Officer Thulani Mkhize, 50, bathatha isidumbu sakhe bayosiphosa ehlathini.

ILANGA lithole ukuthi u-W/O Mkhize obesebenzela esiteshini samaphoyisa KwaSawoti, enomuzi eMgwena eMid-Illovo ngaseMbumbulu, ugwazwe wabulawa ngabasolwa abangaziwa ngesikhathi bezama ukumduna imoto yakhe eyiChevrolet Aveo, ephuma emsebenzini elibangise emqashweni wakhe.

ILANGA likhulume nendodana yakhe, uMnu Mafika Mkhize, 27, eveze ukuthi uyise ubesebenza ehlala emqashweni egoduka uma kuphela inyanga. Uthi wehlelwe yilesi gameko esendleleni ebheke emqashweni wakhe, uhlaselwe ngamadoda angaziwa okuthiwa azame ukuvimba imoto yakhe ezama ukuyiduna.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa lase-KZN ngomkhonto

Kuthiwa u-W/O Mkhize uyicishile imoto phakathi nomgwaqo ngesikhathi ebona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Kuthiwa uqede ukuyicisha wabe esekhipha ukhiye wawuphosa esikhotheni enzela ukuthi abasolwa bangakwazi ukuthatha imoto. 

Abasolwa bathukuthele bagana unwabu bambhokoda ngommese ekhanda nasentanyeni. Baqede ukumbulala bathatha isidumbu sakhe bayosiphosa ehlathini eliseduze nomgwaqo, ngalapho obekukhona imoto yakhe.

Emuva kwalokho kuthiwa abasolwa bashaye bachitha nesibhamu sakhe somsebenzi nomakhalekhukhiwni wakhe.

UMnu Melusi Kweyama onguninalume ka-W/O Mkhize, uthi umshana wakhe ubengenazo izitha, bayasola ukuthi abasolwa bebefuna imoto.

"Siyasola ukuthi into ebenze bathukuthela baze bambulala wukuthi ulahle ukhiye esikhotheni bangabe besakwazi ukuthola imoto ababeyifuna. Sibuhlungu ngendlela abulawe ngayo," kusho uMnu Kweyama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Colonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.