Ligcwele amathafa ibhungu elibulale umalume kubangwa okhiye bendlu

2016-07-19 13:31

Johannesburg - Ligcwele amathafa ibhungu eligwaze labulala umalume walo kubangwa okhiye bendlu, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesibili.

Amaphoyisa aseMeloding athe athungatha umfana oneminyaka engu-16 ubudala osolwa ngokubulala umaluma wakhe ngomhlaka-15 Julayi ngezithuba zabo-19:50 eStilte Park, eMeloding.

OLUNYE UDABA: Ligcwele amathafa isoka elibulale umama no-anti wentombi

"Kusolwa ukuthi leli bhungu belinomalume walo oneminyaka engu-30 ubudala uMohlouwa Klaas nomzala walo uPule Klaas ngesikhathi kuqhubuka ingxabano phakathi kwabo kubangwa izikhiye zendlu," kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Amaphoyisa athe umsolwa usolwa ngokuthatha ummese abhokode umalume wakhe ngawo ngaphambi kokubaleka ngezinyawo endaweni yesigameko.

"UPule wabizela amaphoyisa nabosizo lokuqala endaweni yesigameko. UMohlouwa uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko. Kuvulwe icala lokubulala kanti isigameko siyaphenya. Leli bhungu lisagwele amathafa."

Amaphoyisa aseMeloding acela onolwazi athinte uDetective Constable Jafta Mohap ku-071 001 3994.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.