Ligqabukile elomshado kusaziwayo nomkakhe

2018-03-08 07:28

Cape Town – Ligqabukile igoda lomshado phakathi kuka-Usher nonkosikazi wakhe uGrace Miguel ngemuva kweminyaka emibili abayihlale emshadweni.

Lezi zithandani zikhiphe isitatimende kwi-Us Weekly ngoLwesibili zathi zisithathe ngokuhlanganyela isinqumo sokwehlukana futhi zizoqhubeka zibe ngabangani abakhulu.

“Ngemuva kokuhluza ingqondo nokubheka ezinye izinto, sivumelene ngokuthi sihlukane.

"Sizoqhubeka sibe ngabangani futhi sizoqhubeka nokwesekana njengoba sesingena kwesinye isigaba sempilo yethu. Uthando nenhlonipho esinakho ngomunye nomunye kuzonyuka njengoba sesithatha elinye igxathu."

Lezi zithandani zaqala ukuthandana ngo-2009 kulandela ukuthi u-Usher ehlukanise nonkosikazi wakhe wokuqala uTameka Foster – abanezingane ezimbili naye.

Yize lezi zithandani bezingakhulumi ngezindaba zazo zangasese kwabezindaba, ngoJanuwari 2015 kwezwakala ukuthi u-Usher usecele intombi yakhe yeminyaka umshado.

Kwathi ngoSepthemba walowo nyaka u-Usher wabonakala egqoke indandatho kwase kuqubuka amahlebezi okuthi sebeshadile.

Ngemuva kwezinyanga ezalandela, u-Usher waqinisekisa ukuthi ushadelwe kwi-The Ellen Show, kubika i-E! News.


Jules Winnfield + DAHLIA

A post shared by Usher (@usher) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.