Lihlaselwe ngamatshe ibhasi ebelithwele izivakashi eKapa

2018-05-01 09:40

eKapa - Lihlaselwe ngamatshe ibhasi ebelithwele izivakashi ezibuya emcimbini we-wayini sezibheke esikhumulweni sezindiza zihamba ngeView Africa Coach Charter ngoMsombuluko.

UMphathi wedepho kule nkampani uPieter Uys uthe umshayeli webhasi ubesuka eFranschhoek ehamba ngo-N2 ngoMgqibelo ngesikhathi ibhasi lihlaselwe seliphakathi kwemigwaqo i-Airport Approach neBorcherds Quarry.

"Kuqhamuke iqulu lamadoda lahlasela ibhasi kwaphuka amawini amabili futhi nalo ibhasi lapoqoka emaceleni,"kusho uUys.

Uthi umshayeli wabo uqhubeke nohambo lwabo baze bafika esikhumulweni sezindiza lapho izivakashi ziphume ngokushesha ebhasini. Akekho olimalile kulesi sehlakalo..

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amaphoyisa amabili embhikishweni eN Cape

Uqhubeke wathi abashayeli babo bamabhasi bebemanqikanqika ukuhambela kwezinye izindawo ezidume ngodlame selokhu kwaqala isiteleka samabhasi ngomhlaka 18 kwephezulu.

Uthi uma beqeda ukubheka izivakashi esikhumulweni sezindiza, basebenzisa eminye imigwaqo ukubuyela edepho.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uSergeant Noloyiso Rwexana, usiqinisekisile lesi sigameko sokulinyazwa kwempahla wathi kuvulwe icala kodwa akukaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.