Lihlehlele uDisemba elikaTimothy Omotoso

2017-11-01 16:00

Port Elizabeth - Umfundisi waseNigeria, uTimothy Omotoso, uzolinda enye inyanga njengoba uMbuso usaphothula uphenyo ngecala elihlobene nokutholakala namaphepha angekho emthethweni okuba kuleli.

Lo mfundisi ubhekene namacala okushushumbisa abantu, ukunukubeza ngokocansi nawokudlwengula amantombazane amancane, kanti wavulelwe elinye icala ngesikhathi efaka isicelo sebheyili ngoSpethemba.

OLUNYE UDABA:Uyavela umfundisi waseNigeria ngawokushushumbisa abantu

Ngesikhathi u-Omotoso uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth, uMbuso uthe nakuba uphenyo ezinsolweni abhekene nazo seluphothuliwe, usamatasa ngokuqedela uphenyo ecaleni lesibili elihlobene nodaba lwe-Visa yakhe ayithola ngonyaka ka-2000.

Uma lolo phenyo seluphothuliwe, umqondisi wezokushushiswa komphakathi uzothatha isinqumo sokuba la macala azohlanganiswa noma azothethwa ngokwehlukana.

Icala lihlehlele umhlaka-5 Disemba 2017 ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

U-Omotoso wabanjwa woKlebe esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth ngo-Ephreli ngemuva kokucushelwa umgoga njengoba wayazi ukuthi uzohlangana nethimba lakhe labameli kanti zizomshela.

Lo mfundisi wagcwala amathafa emuva kokukhonjiswa kwezimanga zakhe ohlelweni iSpecial Assignment.

Kuthiwa ngesikhathi eboshwa wabaleka wayocasha, waze wavundululwa endlini encane uma esebona ukuthi ibhemile kulesi sikhumulo sezindiza.

Usolwa ngokunukubeza nokushushumbisa amantombazane ewayengela emzini ahlala kuwo kwelabadla izambane likapondo eMhlanga enyakatho yeTheku.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.