Middelburg – Icala la madoda amabili asolwa ngokufaka uVictor Mlotshwa ebhokisini lomngcwabo emsabisa ngokumbulala lidluliselwe eNkantolo yesiFunda yaseMiddelburg.
UThoe Jackson noWillem Oosthuizen bavele kafushane enkantolo namuhla (ngoLwesithathu) lapho okuhlehliswe khona icala labo.
Umshushisi uRobert Molokoane ucele ukuba icala lihlehlele umhlaka-23 Mashi.
OLUNYE UDABA: Babuyele enkantolo abafaka umuntu ebhokisini lomngcwabo ephila
Uthe uMbuso ubungakaluphothuli uphenyo lwawo.
La madoda egcina ukuvela ngonyaka ophelile , ngo-2016 uJackson no-Oosthuizen batshele inkantolo ukuthi bahlasela uMlotshwa ngoba efuna ukumfundisa isifundo.
Womabili la madoda avuma ezincwadini zawo ezifungelwe ukuthi amhlasela futhi ayengaqondile ukumlimaza.
Ngaphambilini uJackson no-Oosthuizen abayifunanga ibheyili kodwa ngemuva kwesikhashana bacela inkantolo ukuthi ibadedele ngayo ibheyili bethi bazolungisa imali engu-R5 000.
Baqinisekisa ukuthi angeke baze baxhumane nofakazi noMlotshwa.
Laba bobabili babhekene necala lokuthumba nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Banqatshelwe ibheyili.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter