Lihlehlile elabatholwa nemibungu engu-25 efrijini

2017-01-25 16:01

Port Elizabeth - Bavele eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth namuhla abantu besifazane ababili abasolwa ngokuhushula izisu ezingu-25 nokulahla izidumbu.

Icala elibhekene nabo lihlehliselwe ukuba kuqhutshekwe nophenyo.

Unesi, uLulama Cabela noBabalwa Cabelwa okusolwa ukuthi ungumsizi wakhe, baboshwa ngoFebhuwari wangonyaka ophelile kanti babhekene namacala angu-25 okufihla ukuzalwa kwezingane.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abalahle umbungu bewufake ekhathonini le-KFC usaconsa

Njengamanje laba bobabili bangaphandle ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.

Ukuboshwa kwabo kuza ngemuva kophenyo obelulokhu luqhubeka ngezindawo ezikhipha izisu ngokungemthetho endaweni yaseNelson Mandela Bay.

Incwadi efungelwe eyenziwa wumphenyi wecala idalule ukuthi wayithola kanjani incwadi egunyaza ukuthi aseshe futhi avakashele umtholampilo omaphakathi nedolobha ePort Elizabeth, lapho okwatholwa khona imibungu eyayiqinile koplastiki ababomvu efrijini.

"Ngaya ehhovisi ngafike ngavula ifriji, ngavula oplastiki ababomvu okwakufakwe kubo imibungu. Ngaphinde ngashaqa imithi, amathuluzi namaphepha ayesetshenziswa uma kukhishwa izisu," kufundeka le ncwadi.

Amaphoyisa athola inqwaba yamaphakethe emibungu efrijini, izidumbu ezingu-25 ezasezingabantu ababonakalayo.

UMbuso usola ukuthi unesi wayesebenzisa le ndawo nomuzi wakhe ukukhipha izisu zabesifazane ababekhulelwe.

Icala labo lihlehliselwe umhlaka-5 Meyi.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.