Durban - Avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngomhlaka-24 Januwari amaphoyisa amabili abhekene necala lokweba.
La maphoyisa asebenzela eKing Shaka International Airport.
Kusolwa ukuthi abasolwa beba isamba semali engadaluliwe ezikhwameni zomgibeli ngoDisemba 2016.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ecaleni lenkohlakalo
Ngokusho kwaloyo okhulumela amphoyisa, uThulani Zwane ithimba lamaphoyisa esifundazwe saKwaZulu-Natal lancinzwa indlebe ngabasolwa, abaseshi bathola incwadi egunyaza ukuthi baboshwe.
"Kusolwa ukuthi ngoDisemba 2016 la maphoyisa asesha izikhwama zomgibile owayeyothatha indiza esuka eThekwini ibheke eKapa. Ngesikhathi isisulu sesifika eKapa sabona ukuthi imali yaso ebesiyigcine ezikhwameni zaso ayisekho.
"Kwavulwa icala lokweba eKing Shaka Airport ukuze kuzophenywa."
Bobabili abasolwa badedelwa ngebheyili yemali engu-R5 000 umuntu ngamunye.
Icala lahlehliselwa umhlaka 17 Mashi ukzue kuzoqhutshekwa nophenyo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter