Lihlehlile elokubulawa kukaYende namuhla

2017-06-19 16:01

Johannesburg - Indoda eboshelwe ukubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwesisebenzi sakwa-Eskom, uThembisile Yende, ivele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseSprings e-East Rand, eGauteng.

Isidumbu sikaYende esasesonakele satholwa ehhovisi elalikhiyiwe kwa-Eskom eSprings ngenyanga edlule, sekuphele izinsuku ezingaphezu kweziyishumi kwabikwa ngokuduka kwakhe.

Amaphoyisa athi wabulawa.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa aqinisekise ukuthi uThembisile Yende wabulawa

Le ndoda eneminyaka engu-43 ubudala, ithweswe icala lokubulala uYende yaboshwa ngoLwesine olwedlule eCarltonville, entshonalanga yeGoli.

Okhulumela amaphoyisa uJohannes Ramphora uthe: " Kubonakala sengathi umsolwa uyinkabi eyaqashelwa ukuba iqede ngomufi...kodwa asinaso isiqiniseko salokho, uphenyo lusaqhubeko ngoba sisafuna abanye abasolwa."

Umsolwa unqatshelwe ibheyili kanti icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu itshengisa ukuthi uYende walimala ekhanda wathola namanxeba emqaleni ngaphambi kokushona.

 - SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.