Lihlehlile elosolwa ngokubulala indodana, 5, ngesihluku

2017-10-05 07:01

Johannesburg - UMbuso usalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuzotholaklale ukuthi ngabe umfana, uCaleb Ouman, 5, washona ngemuva kwezinsolo zokushaywa nguyise ngesihluku na, lokhu kulalelwe eNkantolo yeMantshi yaseGoli.

USeisax Boesack uvele kafushane enkantolo ebigcwele phama ngoLwesithathu.

Umshushisi uPenny Pillay utshele inkantolo ukuthi kushoda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu kuphela kulolu daba, eqhuba ngokuthi zonke izitatimende zofakazi sezikhona.

OLUNYE UDABA:Ugeqa amagula umfana odlwengulwe 'umalume'

Ube esecela ukuba icala lihlehlele umhlaka-30 Okthoba.

UBoesack uvalelise kowesifazane obesenkantolo ngesikhathi eseyongena esitokisini.

Ngaphambilini ngesikhathi evele enkantolo, uBoesack wakulaxaza ukufaka isiceloo sebheyili. Akaze asikhiphe isizathu sesinqumo sakhe.

Amaphoyisa aseGauteng ekuqaleni athi umfana wakwazi ukutshela intombi kababa wakhe ukuthi ushaywe nguyise.

Intombi yaphuthumisa u-Ouman esibhedlela lapho ashonela khona ngomhlaka-1 Septhemba, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele etshela iNews24 ngaleso sikhathi.

U-Ouman washona efika esibhedlela, ubaba wakhe waboshelwa emzini ayehlala kuwo nentombi yakhe, eChrisville, eningizimu yeGoli. 

Ikhansela uRashida Landis wathi umphakathi udinwe ugane unwabu futhi ufuna kwenziwe ubulungiswa.

 


 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.