Lihlehlile elosolwa ngokubulala iphoyisa laseNorth West

2017-08-09 08:42

Johannesburg - Indoda eneminyaka engu-33 ubudala esolwa ngokubulala iphoyisa laseNorth West ivele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBrits, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UBrigadier Sabata Mokgwabone uthe uSurprise Mokoebo uvele kafushane ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBrits ngoMsombuluko.

UMokoeba ugcinwe esitokisini kanti uzophinde avele ngomhlaka-15 Agasti eyofaka isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:Uyavela owabulala iphoyisa enkantolo

"Ukuvela komsolwa enkantolo kuza ngemuva kokuboshwa yithumba lamaphoyisa iBrits Cluster ngoLwesihlanu lwangomhlaka-4 Agasti 2017 eMabopane, eGauteng.

Waboshelwa ukubandakanyeka esigamekwenio okwabulawa kuso iphoyisa uConstable Samuel Hlongwane ngesikathi kubanjwa inkunzi umngani wakhe, edunwa imoto yohlobo lwe-BMW ngoLwesihlanu lwangomhlaka-02 Juni 2017 eLetlhabile," kusho uBrigadier Mokgwabone.

UMokoebo ubhekene necala lokubulala nokuduna.


 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.