Lihlehlile icala lamadoda ayedayisa ugebhezi lomuntu eMakethe yaseThekwini

2016-08-09 10:01

Durban - Amadoda amabili ahlala emgwaqeni eThekwini abanjwa oqotsheni edayisa ugebhezi lomuntu eMakethe avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo (ngoMsombuluko).

Icala lala madoda uThisa Khuzwayo oneminyaka engu-24 ubudala noBrian Cole oneminyaka engu-20 ubudala lihlehliselwe umhlaka-11 Agasti kanti azogqunwa esitokisini aze afake isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA: Avele aziculela "amaphara" eboshelwa ukudayisa ugebhezi lomuntu

UKhuzwayo noCole abanjwa ethengisa lolu gebhezi ngemali ephakathi kuka-R100 no-R400.

Amaphoyisa ancinzwa indlebe yizinyanga ezidayisa eMakethe ngalamadoda ayethengisa ngogebhezi lomuntu.

NgokweSolezwe ngesikhathi la madoda ebanjwa nalolu gebhezi athi ngolwabo azitholele ngalo emgqomeni.

Kuthiwa uKhuzwayo noCole babefuna imali yokubhema njengoba ayedayisa lolu gebhezi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.