Lihlehlile icala likanogada osolwa ngokunububeza ngokocansi odado

2018-03-07 16:00

Johannesburg - Unogada wesikole oneminyaka engu-57 ubudala osolwa ngokunukubeza inqwaba yezingane zesikole i-AB Xuma Primary, uvelile eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesithathu lapho okuhlehliswe khona amacala abhekene nawo.

Umshushisi uCheryl Slack utshele inkantolo ukuthi udaba luzodluliselwa kwi-Directorate of Public Prosecutions (DPP) ukuze izothatha isinqumo sokuthi icala lizolalelwa kuphi. Uphinde wathi kusadingeka ukuthi izingane ezingu-25 zibonane nabezenhlalakahle.

"Sisalinde imiphumela yodokotela nabe-DPP."

OLUNYE UDABA:Uzovela enkantolo unogada osolwa ngokunukubeza izingane zesikole

Lo nogada usolwa ngokunukubeza ngokocansi izingane zamantombazane ezingu-55 zakulesi sikole. Ubhekene namacala okudlwengula nokunukubeza ngokocansi.

Zingu-34 izisulu esezibhale izitatimende kusukela kwabhoka leli thumba.

IMantshi uHerman Badenhorst, uthe kungenzeka ukuthi udaba ludluliselwe eNkantolo eNkulu.

"Ngiyethemba ukuthi icala lizolalelwa eNkantolo eNkulu," kuqhuba uBadenhorst.

Udaba luhlehliselwe umhlaka-11 Ephreli.


 - African News Agency/ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.