Lihlehlile icala lokubulawa ngokungenhloso komethuli weTop Billing

2016-12-12 14:32

Johannesburg – INkantolo yeMantshi yaseRandburg ilihlehlisile icala lowesilisa osolwa ngokubulala ngokungenhloso umethuli wohlelo iTop Billing uSimba Mhere kanye nomngani wakhe uKady-Shay O'Bryan engozini yomgwaqo.

Ummeli kaPreshalin Naidoo, uFrancois Roets, ucele ukuba lihlehliswe icala ukuze bezokhuluma nongoti ukulungiselela ukupheka ngemibuzo ufakazi.

Lokhu kungemuva kokuba ufakazi, uLorenz Stoger, weCarTrack, ngoMsombuluko ekuseni ethule ubufakazi bakhe.

UNaidoo ubehleli buthule enkantolo ngesikhathi kuqhubeka icala.

OLUNYE UDABA: Wonke umuntu unelanga lakhe - Zondo

Ubhekene namacala amabili okubulala ngokungenhloso nanamanye okushayela budedengu.

Imoto yakhe yohlobo lwe-VW Polo GTI yashayisa ekaMhere kuWilliam Nicol Drive, eFourways, ngezithuba zasekuseni ngomhlaka 31 Januwari 2015.

Ubaba kaMhere, uJoseph, wayesemotweni naye ngalesi sikhathi kodwa wasinda.

Icala lihlehliselwe phakathi komhlaka 7, 8 no-9 Febhuwari 2017.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.