Lihlehliselwe inyanga ezayo elikaSimba Mhere

2018-03-09 14:00

Johannesburg - Ukugwetshwa kwendoda esolwa ngokubulala owayengumethuli wohlelo lakumabonakude iTop Billing, uSimba Mhere, kuhlehliselwe umhlaka-19 no-20 Ephreli.

Abameli bommangalelwa bacele ukuba udaba luhlehle ngoba umbiko wephoyisa ubungakaqedwa.

UPreshalin Naidoo, owalahlwa yicala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMhere engozini, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg namuhla (ngoLwesihlanu).

OLUNYE UDABA:Liphinde lahlehla elokushona kukaSimba Mhere

Walahlwa yicala ngoJanuwari ngamacala amabili okubulala ngokungenhloso, kanjalo nelokushayela budedengu.

Ngaphambilini iMantshi uDavid Mahango wakuchitha konke okwakushiwo wuNaidoo ngesikhathi ezivikela.

Wabuchitha ubufakazi bukaNaidoo owathi wayehamba ngo-61 km/h ngesikhathi kwenzeka ingozi.

Inkampani yesiqophamkhondo eyayisetshenziswa wuNaidoo isiqophe izigameko ezingu-37 eziveza ukuthi wayeke ahambe ngesivinini esiphezulu emgwaqeni.

Imizuzwana ngaphambi kwesigameko uNaidoo wayehamba ngo-210 km/h. 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.