Lihlehliselwe isonto elizayo elosolwa ngokubulala intombi yakhe

2018-05-03 13:59

Durban - Uzogqunywa esitokisini uThabani Mzolo kuze kube uphindela enkantolo ngesonto elizayo njengoba kusaqhubeka uphenyo mayelana nesigameko sokubulawa kukaZolile Khumalo, 21.

UMzolo, 23, uzobuyela enkantolo ngomhlaka-10 Meyi, lapho okuzothathwa khona isinqumo sokuthi uyanikezwa yini ibheyili noma cha.

UMzolo usolwa ngokubulala uKhumalo phambi kwesinye isitshudeni abehlala naso endaweni okuhlala kuyo abafundi baseMangosuthu University of Technology (MUT), eLonsdale, enkabeni yeTheku, ngoLwesibili.

Kukholakala ukuthi uMzolo ungene kule ndawo ezenza umngani wakhe.

OLUNYE UDABA: Kunezinsolo zokuthi belinqaba ukwaliwa isoka elisolwa ngokubulala intombi

Izinsolo ezikhona zithi udubule uKhumalo ngenxa yokuthi ubezama ukuhlukana naye.

Ngaphambi kokuba avele enkantolo, amakhulu ezitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT), zinqwabelane ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine zizokweseka umufi.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ezintatha ngoLwesithathu.

"Ngesikhathi amaphoyisa efika, athole ukuthi uKhumalo udutshulwe amahlandla amaningi," kusho uZwane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.