Lihlehliselwe ukuphela kwenyanga icala elibhekene nomholi 'wesonto lezimanga'

2018-05-07 18:03

Umholi webandla iSeven Angels Ministry eNgcobo - elisolwa ngokuthinteka esigamekweni sokuqothwa kwamaphoyisa kuleli dolobha lase-Eastern Cape - uzogqunywa esitokisini ngemuva kokuthi icala lakhe lihlehlisiwe.

Ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoMsombuluko.

UBanele Mancoba ubhekene necala lokwakha itulo lokuphanga kusetshenziswa isihluku nelokubulala.

Uzobuyela enkantolo ngomhlaka-24, kusho lowo okhulumela i-NPA, uLuxolo Tyali.

Khonamanjalo, amadoda ayisithupha asolwa ngokubulala amaphoyisa aseNgcobo ngoFebhuwari nonyaka avele enkantolo efanayo ngoMsombuluko.

Icala lawo lihlehliselwe umhlaka-14 Juni ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

OLUNYE UDABA: Ayavela enkantolo amalungu ebandla lezimanga iSeven Angels Ministries

NgoFebhuwari 21, abahlaseli bagasela esiteshini samaphoyisa eNgcobo, phakathi kwaseMthatha naseQueenstown. Kwabulawa amaphoyisa amahlanu nesosha.

Kwathi ngemuva kwezinsuku ezimbili, abasolwa abayisikhombisa badutshulwa bashona kwathi abanye abayishumi baboshwa esontweni, kulandela impi yezulu lezandla namaphoyisa.

Ibandla laliholwa nguBanele Mancoba kanye nabanye abafowabo abayisithupha: oXolisa, Thandazile, Philile, Phuthumile, Benjamin no-Ephraim - kulandela ukushona kukababa wabo ngo-2015.

Abathathu kubona bayingxenye yalaba ababulawa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.