Lihlehliselwe unyaka ozayo icala likaMcebo Dlamini

2016-11-15 13:32

Johannesburg - Icala lalowo owayengumholi womkhandlu wabafundi enyuvesi yaseWits uMcebo Dlamini lihlehliselwe uJuni wangonyaka ozayo.

Lo mfundi obhekene namacala okuqala uthuthuva emphakathini, ukweba, ukulimaza impahla kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza waphuma ngebheyili ngesonto eledlule.

Ngesikhathi kulalelwe icala lakhe enkantolo kaMantshi eGoli, abammeli bakaDlamini bathe kunesandla sesithathu nokungesepolitiki kumacala athweswe uDlamini.

OLUNYE UDABA:Babhodla umlilo abammeli bakaCele

Laba bammeli bathe kunobufakazi bokuthi kube nomhlangano phakathi kukaMengameli Jacob Zuma kanye noMqondisi-Jikelele wozokushushiswa komphakathi, uShaun Abrahams, bebedingida khona udaba lwemibhikisho ye-#FeesMustFall engekho uNgqongqoshe wemfundo ephakeme uBlade Nzimande kanye noNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan.

“Sifake isicelo kwijaji ukuba libeke uvo lwayo ngokuziphatha kuka-Abrahams, kodwa isicelo sethu asikaphendulwa,"kusho u-Advocate Tinny Sebuko.

“Asikakhishwa isinqumo senkantolo yokufaka izikhalazo mayelana nokungenelela kwabezombusazwe, ngakhoke akukho esingakwenza.

Laba bammeli bafuna ukuba ahoxiswe amacala abekwe uDlamini ngoba kucindezelwa amalungelo akhe, kubika i-African News Agency.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.