Lihlehlisiwe elabasolwa ngokubulala ababili eNgcobo

2018-03-06 14:02

Durban – Abasolwa ababili kwabayisithupha abasolwa ngamacala okubulala amaphoyisa eNgcobo bavele eNkantolo kaMantshi eMzimkhulu ngamacala okubulala umholi webandla kanye nomkakhe.

La madoda aseminyakeni eko-30 ubudala azogqunywa ezitokisini kuze kubuyele icala enkantolo ngomhlaka-13 kwephezulu lapho ezofaka khona isicelo sebheyili, kusho uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA:Ababoshwe eNgcobo basolwa ngawokubulala eMzimkhulu

Laba basolwa ngokubulala uNdumiso Jali kanye nomkakhe ngenyanga edlule, okuyisigameko esenzeka emasontweni amabili ngahambi kokuhlaselwa kwamaphoyisa aseNgcobo.

AbakwaJali bebengabaholi futhi bengamalungu ebandla iSeven Angels Ministry, okuyibandla elimataniswa nokubulawa kwamaphoyisa.

Esigamekweni saseNgcobo kwabulawa amaphoyisa ayishlanu kanye nesosha eselathatha umhlalaphansi ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa esiteshini samaphoyisa.

Amaphoyisa aphuma inqina ethungatha abasolwa, kwaphetha ngokuthi kubulawe abayisikhombisa abatholakala bebhace endlini yesonto khona eNgcobo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.