Lihlehlisiwe elikathisha othumela umfundi imiqhafazo nezithombe zocansi

2017-05-23 07:05

Durban - Kuhlehlile ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathisha owaboshelwa ukuthumelela umfundi, 14, imiqhafazo nezithombe zocansi.

Umsolwa uvele enkantolo namuhla ekuseni (ngoMsombuluko) kodwa icala lahlehliswa ngoba ikheli lakhe lingaqinisekisiwe. Umsolwa ugcinwe esitokisini kanti uzophinde avele enkantolo ngoLwesithathu. 

Lo thisha ofundisa eBechet High School eThekwini uboshwe ngemuva kokuba ubaba walo mfundi ebenezinsolo ngezikhathi lo thisha eshayela lo mfundi ucingo ngosuku lokuzalwa kwendodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili uthisha osolwa ngokufundisa umfundi 'imikhuba'

Ubaba walo mfundi wabe esethatha iselula yengane yakhe wafunda konke okuphakathi wathola imiqhafazo nezithombe zocansi evela kulo thisha.

Wabe esebikela iziphathimandla, lo thisha wabe eseboshwa.

"Ngayiphuca iselula yayo indodakazi yami, ngathola ubufakazi bezingxoxo ezinokukhohlakala phakathi," kusho lo baba.

Lo thisha ubhekene namacala amabili, elokusabalalisa izithombe zocansi nokukhuthaza umfundi ngocansi.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.