Lihlehlisiwe elomnikazi weloli eyabulala abangu-24 ePinetown

2017-02-07 16:02

Durban - Umnikazi weloli eyadala ingozi eyadlula nabantu abangu-24 eThekwini kuFields Hill ngo-2013, uGregory Govender, uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam namuhla (ngoLwesibili).

Icala elibhekene noGovender lihlehliselwe umhlaka-24 Febhuwari, lapho okulindeleke ukuba kuhlelwe usuku azovela ngalo enkantolo yesifunda.

OLUNYE UDABA: Enye ingozi lapho kwashona khona abantu ePinetown

UGovender ubhekene namacala amathathu ahlobene naweNational Traffic Act nelinye lokuqasha umuntu ongene kuleli ngokungemthetho.

Ngomhlaka-5 Septhemba 2013, iloli yenkampani kaGovender iSagekal yayishayelwa nguSanele Goodness May odabuka eSwazini ngesikhathi yehla igijima ku-M13 washayisa amatekisi amane nezimoto ezimbili ku-Fields Hill.

UMay, owafika kuleli ngokungemthetho futhi engenazo nezincwadi ezimugunyaza ukuthi akwazi ukusebenza, waboshelwa amacala angu-24 okubulala ngokungethetho ngemuva kokuwavuma.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.