Pietermaritzburg - Osolwa ngamacala okubulala abantu besifazane ababili abangamalungu e-ANC eMbali ufake isicelo sebheyili eNkntolo yeMantshi yasePietermaritzburg.
UBonginkosi Shabalala oneminyaka engu-40 ubudala waseMbali uthe ngesikhathi evele enkantolo, izingxabano zangaphakathi egatsheni lakhe azange zimukhuthaze ukuthi abulale laba besifazane.
Umsolwa wazise inkantolo ukuthi yena umsulwa, uboshwe ngenxa yenzondo yezepolitiki njengoba besekunoqhekeko ngaphakathi ophikweni labo kunemibango yokuthi kubani ukuthi ubani ozoba ikhansela phakathi kwa-Anton Mbatha noJabulani Nene.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa indodana yelungu le-ANC kukhankaswa
Umsolwa uveze ukuthi yena nalabo abashona bebeseka abantu abahlukene, yena kade eseka uMbatha kanti abashona bona babeseka uNene wase eqhuba ethi kodwa lokho akusho ukuthi wababulala, kubika i-EyethuNews.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi bekukhona ukungezwani phakathi kweqeqebana ebiliholwa ilabo abashona kanye neqeqeqebana ebengileseka mina kodwa loko akusho ukuthi ngababulala. Ngiyilunga elidala le-ANC kanti futhi bengingasibhekile nesikhala sokuthi ngibe ikhansela. Angiyena umuntu onodlame angikaze ngicabange ngisho ukubalimaza laba ekuthiwa ngabadubula.”
Icala lihlehliselwe uLwesihlanu ukuze umsolwa eziqhubeka nokufaka isicelo sebehyili. Icala lihlehliswe ngenxa yokungabibikho kwamanzi enkantolo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter