Lihlehlisiwe elosolwa ngokuthengela ‘ishende’ lomyeni inkabi

2016-07-13 17:31

Durban – Uvele enkantolo icala lakhe lahlehliswa unesi osebenza esibhedlela esiseMelmoth, osolwa ngokuthengela “ishende” lomyeni wakhe inkabi.

Lo nesi osebenza eSt Mary’s wathengela unogada wesifazane, osebenza kusona lesi sibhedlela nomyeni kalo nesi, inkabi ngemuvakokumsola ngokujola nendoda yakhe, kubika iSolezwe.

Umufi uLindiwe Zulu, 24, kuthiwa isidumbu sakhe satholakala ngakubo ngesonto eledlule.

Owomndeni kaZulu, uNjabulo Luthuli, uthe uZulu waphuma kubo ethi uyohlangana nomfowabo wesoka lakhe owayemthembise ukuthi uzomyisa enyangeni khona ezogudluza unkosikazi walo.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa osolwa ngokubulala ishende likankosikazi

“Umfowabo wesoka wazisondeza noLondiwe kanti uthunywe ngunkosikazi. Nguye owahlela ukuthi kuhanjwe ebusuku ngemoto kuyiwa enyangeni, sashaqeka sesizwa ngomphakathi kuthiwa kutholakale isidumbu sikaLondiwe,” esho.

Uthe laba benza sengathi behlukene ngesikhathi unkosikazi wesoka ebabamba, kanti basaqhubeka nokuthandana.

uLuthuli uthi bebengazitsheli ukuthi unkosikazi angambulala ngempela uLondiwe, yize ebezithola izinsongo.

Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekisile ukuboshwa kwababili ngokudutshulwa kukaZulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.