Lihlehlisiwe icala labasolwa ngokubulala umfana,16

2017-08-07 12:32

Coligny – Icala elibhekene nabesilisa ababili abasolwa ngokubulala umfana oneminyaka engu-16 ubudala eColigny, eNorth West, lihlehlisiwe eNkantolo kaMantshi yaseColigny ngoMsombuluko ukuze kuphothulwe uphenyo.

UPieter Doorewaard, 26, noPhilip Schutte, 34, bavele imizuzu emihlanu enkantolo ngoMsombuluko ekuseni.

Amanye amalungu omphakathi abuthane ngaphandle kwenkantolo ngaphambi kokuqala kwecala.

Umshushisi woMbuso uStephen Fritz utshele inkantolo ukuthi ubenomhlangano nomphenyi wecala, wamtshela ukuthi kunezinto okusamele benze uphenyo ngazo ngaphambi kokuba lolu daba luqhubekele phambili,

UFritz ucele ukuba lolu daba luhlehliselwe u-Okthoba 6 ukuze amaphoyisa ezophothula uphenyo.

OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo abasolwa ngokubulala umfana owayesolwa ngokweba

UFrederik van Tonder, obemele abasolwa, ucele ukuba kube ngokokugcina icala lihlehliswa.

Ngesikhathi begcina ukuvela enkantolo, lolu daba lahlehliswa ukuze uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ezothatha isinqumo mayelana nokuthi kumele yini icala liqhubeke, nona kumele lidluliselwe enkantolo yesifunda noma enkantolo enkulu.

Kodwa ngoMsombuluko, iMantshi uWikus van Loggerenberg itshele inkantolo ukuthi uMqondisi akakulungele ukuthatha isinqumo okwamanje ngenxa yokuthi alukaphothulwa uphenyo.

UDoorewaard noSchutte bangaphandle ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.