Lihlehlisiwe icala lesikole 'esingafuni' ukuthatha abafundi

2018-01-10 07:10

Pretoria – Isicelo esiphuthumayo esifakwe enkantolo yisikole iHoërskool Overvaal eVereeniging, ngodaba lokuthi uMnyango wezeMfundo eGauteng ufuna ukufaka abafundi abangu-55, sihlehlisiwe.

Lesi sikole esifundisa ngesiBhunu, sikhala ngokuthi sigcwele ngakho ngeke sikwazi ukubathatha la bafundi okukhulunywa ngabo.

UMnyango wona ukuphikisile lokhu ngokuthi kunobufakazi bokuthi ziningi izikhala ezikhona kulesi sikole futhi singakwazi ukuthatha la bafundi, kodwa asifuna ukubathatha ngenxa yolimi abafuna ukufundisa ngalo.

Ibhodi elengamele lesi sikole yilona elifake incwadi efungelwe enkantolo ngoLwesibili ukuphendula izinsolo zoMnyango nokuyinto ephoqe ummeli wawo ukuba acele leli cala lihoxiswe izinsuku ezine ukuze bafundisise lezi zincwadi ezifakiwe.

OLUNYE UDABA:Inhlangano ithi isaphila intatheli yakuleli osekuphele unyaka ithunjiwe eSyria

IJaji uBill Prinsloo unikeze uMnyango izinsuku ezimbili, kodwa wakhipha isexwayiso sokuthi lesi sicelo siyaphuthuma futhi kumele kutholakale isixazululo ngokuphazima kweso.

"Isimo esifana nalesi lapho kumele kuphume khona isinqumo ngokushesha ukuze bonke abathintekayo bazi ukuthi bamephi, siyaphuthuma," kusho iJaji.

USteve Mabona okhulumela uMnyango uthi abaqondisisi ukuthi kungani lesi sikole singafuni ukuthatha la bafundi ngoba uMnyango wawushilo ukuba uzolekelela ngothisha kanye nezinsiza zokufunda.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.