Lihlehlisiwe icala likaHappy Jele

2017-09-05 19:30

Johannesburg - Ukaputeni we-Orlando Pirates uHappy Jele uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesibili ngecala lokushayela budedengu.

Lo mdlali wamaBhakabhaka ubanjwe ehamba ngesivinini sika-223km/h endaweni ka-120km/h ngoMsombuluko ekuseni.

UJele ubehamba ngemoto yohlobo lweBMW 351i ku-M1 ngaseSandton. 

OLUNYE UDABA:Imali yami yaphelela ezintombini nasezimotweni - Umdlali obhedelwa yizinto

UJele kuthe uma ebuzwa ukuthi kungani ehamba ngalesi sivinini watshela amaphoyisa ukuthi ubephuthuma ingane yakhe egulayo, nokho iziphathimandla zoMnyango wezokuPhepha koMphakathi zathola ukuthi ubeqamba amanga.

Esitatimendeni esikhishwe kwi-website yamaBhakabhaka, uJele uthe ‘uyavuma’ ukuthi wenze okuphambene nomthetho futhi uyaxolisa ngobudedengu.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-19 Okthoba kuwo lo nyaka. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.